Ukhetho lokuqala lwentando yeningi ezweni lethu lwenzeka ngomhlaka- 27 ku-Apreli we-1994 futhi sesisondele ukugubha umkhosi wokuqeda iminyaka eyishumi walesi sehlakalo. Ilungelo lokuphila emphakathini wentando yeningi lingathathwa lula kwesinye isikhathi ngoba abaningi benu babebancane kakhulu ngo- 1994 futhi bazi nje okwenzeka kulesi sikhathi samanje. Impi yokulwela intando yeningi kanye nokulingana komphakathi lapho kunendawo ngaphansi kwelanga yakhe wonke umuntu ongowaseNingizimu Afrika kungabhekwa ubuzwe, ubulili, inkolo, ulimi, noma yiluphi uphawu lokwehluka, akuzange kuze nje kalula. Akuthathanga izinyanga, iminyaka noma iminyaka eyishumi ukuthi kufinyelelwe kodwa okuseqinisweni ukuthi kwathatha amakhulu eminyaka aqukethe umlando waseNingizimu Afrika. Ilungelo futhi nenhlanhla yabo bonke baseNingizimu Afrika okumele bayiqaphele ngamandla futhi enokuthi wena njengentsha yaleli lizwe unegunya elisemqoka okumele ulibambe.
Ilungelo elisemqoka emphakathini wentando yeningi ilungelo lokuvota. Ilungelo lokuvota likunikeza imvume yokuthi ube yingxenye yenqubo ethatha isinqumo sokuthi yiliphi iqembu noma amaqembu ezombusazwe aphatha izwe. Ukhetho loHulumeni lunquma ngokuqondile nokungaqondile izinqubomigomo kanye nemithetho ebusa umphakathi wethu okuthi ekugcineni ibhekana nezimpilo zabanye ngabanye benu. Umuntu ngamunye kumele athathe izinqumo ngayedwana lezo zinqumo uzenza ekungqikithi yomphakathi esihlala kuwo - futhi ngabavoti ngokhetho lwabo lukahulumeni ngokuhamba kwesikhathi abakwazi ukuthola uhlobo lomphakathi.
Ukuze ukwazi ukuvota kumele ubhaliswe njengomvoti. Bonke abantu abangaphezu kweminyaka eyi-16 ubudala futhi abanomazisi abanebhakhodi bangafaka isicelo sokuzibhalisa njengabavoti. Ngabantu kuphela abaneminyaka engama-18 ubudala noma ngaphezulu ngosuku lokhetho abazofakwa emqulwini wamagama abavoti. Labo abasesengaphansi kweminyaka eyi-18 ngosuku lokhetho lesifunda nelikazwelonke, bazawufakwa ngokuzenzakalelayo emqulwini wabavoti ngosuku lwabo lokuzalwa lweminyaka eyi-18. Loku -ke kuzobenza bakwazi ukubamba iqhaza okhethweni lwesifunda olulandelayo lwamabandla kamasipalati njengoba ezokwenzeka nangesikhathi ezokwenziwa ngaso kanye nasokhethweni jikelele lukamasipalati lwe-2005/6.
Abanye benu bazimisele ukuvota futhi bayazi ukuthi bazimisele ukuvotela liphi iqembu. Loko yimfihlo yakho. Abaningi benu kodwa kungenzeka ukuthi bazizwa bengenasiqiniseko sokuvota ngempela noma ukuthi bangavotela bani. Loku kuyaqondakala uma nje ukhumbula ukuthi uzokuba kuphela nokhetho kulolu daba uma uzibhalisile njengomvoti. Ukuba ngumvoti ozibhalisile kuzokunikeza ithuba lokubamba iqhaza noma lokungabambi iqhaza okhethweni lukushiyele nokhetho lokuthi weseka liphi iqembu elibamba iqhaza. Futhi kumele njalo ucabange ukuthi nguwena kuphela ozokwazi ukuthi yiliphi iqembu olesekile-ivoti yakho iyimfihlo ngempela.
Abantu abasha bayazibuza ukuthi kungabe ngempela amavoti abo ayadingeka nokuthi ayawenza yini umehluko. Ngaphandle kwamandla akho okuthelela ukuthi ube ngumvoti ozibhalisile okumele nakanjani kwazeka ukuthi uyavota noma cha. INingizimu Afrika inohlelo lokhetho oluyizingxenye zokumela. Lolu hlelo olukhethayo njengakumanye amazwe lapho umnqobi wombango wokhetho ethatha konke. Uhlelo lwethu lunesisekelo esifakelayo lapho amaqembu amancane kanye nabangebaningi bazuza ukumelwa ngokulandela ukwesekwa kwabo. Okumele ukukhumbule ukuthi ohlelweni nokumelwa okuyingxenye ivoti yakho ayikhuphuli kuphela ishezi lenani lokuvota selilonke leqembu olisekelayo, kodwa nokuthi iphinde futhi ngokuhambisana yehlise ishezi lawo wonke amanye amaqembu abamba iqhaza. Leli yiqiniso lemethamethiki ongalivivinya emsebenzini ngomthelela wezigidi eziyi-6 zabantu abasha abangaphansi kweminyaka engama-25 ubudala abangaba nawo emiphumeleni yokhetho.
Konke okungenhla kodwa kweyeme ekuzibhaliseni kwakho njengomvoti. Ukuzibhalisa kwakho kukunikeza ukukwazi ukuthelela futhi kukwenza ufaneleke. Uma ungazibhalisanga njengomvoti kubi ngoba awungeke ukwazi ukucindezela ukuthelela futhi uzobe uzenze ukuthi ungafaneleki ezinqubweni zethu zentando yeningi. Ukuthi uyavota nokuthi uzovota kanjani ungakuthathela isinqumo esikhathini esizayo, kodwa manje ungazinikeza amandla ngokuthi uzibhalise . Izinsuku zokuzibhalisa ngumhlaka- 24 kanye nomhlaka- 25 kuJanuwari we-2004 futhi kumele ubhalise esifundeni ohlala kuso. Uyacelwa ukuba ugqugquzele namalungu omndeni wakho kanye nabangane ukuthi bayozibhalisa ngaphambi kokuba ukhetho lwenziwe.
